iKhomishani yokubuyisana ukulamula nokuxolelanisa (iCCMA) iwuhlaka lokuxazulula ukungaboni ngaso linye olumiswe ngokuhambisana noMthetho woBudlelwano eMsebenzini, ongunombolo 66 ka 1995. Ikhomishane ayincikile kuMbuso, kumbe eqenjni lezombusazwe, inyunyana yabasebenzi, umqashi, inhlangano yabaqashi, umbimbi lwezinyunyani kumbe umbimbi lwezinhlangano zabaqashi.
UMgwamanda oWengamele iwona ongu-ngqo shishilizi wokwakhiwa kwezinqubo-migomo kuCCMA.
NoMlawuli weCCMA (yena eqokwa uMgwamanda oweNgamele).
Ukugqugquzela ubulungiswa emphakathini kanye nentuthuko yomnotho, ngokuhlanganyela nababambisani kwezomphakathi, ngokuguqula ubudlelwano emkhakheni wezabasebenzi. Lokhu kuzokwenzeka uma kwethulwa uhlelo lokuxazulula nokuvimbela izingxabano olungambi eqolo.
Kuthina, buyigugu ubuchwepheshe, uboqotho nokwethulwa kwezinsiza kanye nokwabelana ngobuhlobo ngokwethembana.
Emphakathini ke, sizibophezele ekwenzeni izinguquko kubudlelwano kwezabasebenzi ngokuxazulula izimo zokungaboni ngaso linye ngobulungiswa nangkwabelana ngolwazi lwethu kabanzi.
Nokucubungula izicelo zokwemukelwa nokuxhaswa ezifakwe yimiKhandlu yokuXoxisana kanye nezinhlangano zangasese.
Inokuqeqesha futhi yeluleke mayelana: nokusungulwa kwezinhlaka zokuxoxisana okuhlanganyele; ukwenziwa kwezinguquko ezindaeni zomsebenzi; izinhlelo zokubonisana; ukuphela komsebenzi; izinhlelo zokulinganiswa emsebenzini nezokuvimbela ukungaboni ngaso linye.
ICCMA inehhovisi likazwlonke, elise Gauteng, kanye namahhovisi angu 9 ezifundazweni. Yilelo nalelo hhovisi lasesifundazweni linoKhomishane oqokelwe ukubiza imihlangano futhi obhekela leso sifundazwe noMbhalisi obhekele imisebenzi eyesekele. Yileso naleso sifundazwe sibuye sibe nawokhomishani ababhekela ukubuyisana nokwahlulelea lapho kunokunagboni ngaso linye.
Umphakathi uvumelekile ukuthi usebenzise umtapo wezincwadi kodwa awukankho ukuziboleka.
Umfaki sicelo kufanele akhombise ucela ikhophi yerekhodi kumbe ufuna ukuza azobona irekhodi mathupha emahhovisi enhlangano yomphakathi. Noma ke uma irekhodi lingabhalwanga ephepheni kumbe encwadini lingabukwa ngaleso simo elikuso elicelwe ngaso, uma kwenzeka s 292.
Uma umuntu ecela ukufinyelela kurekhodi elisesimweni esingejwayelekile kufanele ukuba umfaki sicelo alithole lelorekhodi ngesimo leso asicelile. Kodwa ke kungenzeke uma lokho kuzophazamisa ukusebenza kwaleyo nhlangano, kumbe lokho kungacekela phansi irekhodi, kumbe lokho kuphikisane nomthetho ovikela okubhaliwe okungesikhona okombuso. Uma kungenzeki ukuthi umfaki sicelo ayithole ikhophi ngaleso simo ayicele ngaso, kufanele inkokhelo ibhekelwe ingabi ngaphezulu kwabezokuyikhokha esicelweni sakhe.
Uma, umfaki sicelo efisa ukuthi aphendulwe esicelweni sakhe ngokubhalelwa abuye mhlasimpe ashayelwe ucingo, kufanele akuveze lokho s 182e.
Uma, umfaki sicelo ecelela omunye lololwazi, kufanele azichaze ukuthi usifaka ngaliphi leso sicelo s 182f.
Uma, umfaki sicelo engakwazi ukufund anokubhala, kumbe kukhona ukukhubazeka anakho, bangalicela irekhodi ngomlomo. isiPhathimandla sezoKwazisa ke sekungafanela simgcwalisele ifomu lokufaka isicelo bese emnikeza ikhophi yefomu s 183.
Umfaki sicelo ocela ukubona irehodi eliminingwane yakhe akakhokhiswa.
IsiPhathimandla sezoKwazisa kufanele sazise umfaki sicelo (ngaphandle kwalo ofuna imininingwane ephathelene naye) ngesaziso, ecela kuleso sazizo inkokhelo efanelekile, ngaphambi kokuba aqhubeke nodaba lwakhe.
Inhlawulo yesicelo kuzinhlaka zikahulumeni iba ngu R35. Umfaki sicelo unakho ukuthi afake isinxuso sangaphakathi, lapho kunesidingo futhi kufanelekile, kumbe asifake enkantolo leso sikahlo sokuthi angayikhokhi imali edingakalayo.
Emveni kokuba isiPhathimandla sezoKwazisa sesithathe isinqumo malungana nesicelo, kufanele bese aziswa umfaki sicelo ngaleso sinqumo ngendlela ebekade ecele ngayo umfaki sicelo.
Uma samukelwe isicelo, sekufanele ukuba umfaki sicelo akhokhe intela leyo yokucubungula nokucinga imininingwane kuyirekhodi, amalungiselelo, kanye nokwenziwa kwamakhophi, kanye nesikhathi esingahle seve kuleso esibekelwe lowo msebenzi wokulungisa irekhodi nokulilungisela ukuba lembulelwe lowo olidingayo.
Bheka imininingwane yokuthintana iSigaba 14 1 b ukuze uthole imidanti yamahhovisi kaCCMA asezifundazweni.
Uma amalungu omphakathi enemibuzo malungana noCCMA ekanti futhi afuna ukumbandakanyeka ekwakhiweni kwenqubo-mgomo, kufanele afake isicelo kuMqondisi kumbe athintane nanoma yiliphi ilungu lenhlangano yomphakathi esebenzisana noCCMA eliseduze nawo. Isibonelo, uma ilungu lomphakathi liyingxenye yenyunyani, kungafanela ukuba lithintane nehhovisi elimele abasebenzi.
Inhlangano imenqabele ukumnikeza irekhodi ngesimo abesicelile.
Uma esilgcwalise waqeda ifomu lelo, umfaki sicelo kufanele alithumele kusiPhathimandla sezoKwazisa.
Umfaki sicelo unelungelo lokucela ukwaziswa imiphumela ngenye indlela ngaphezu kokubhalelwa, njengokushayelwa ucingo nje kumbe ukuthunyelelwa I-E-mail.
Odlulisa udaba kufanele ahlinzeke imininingwane yokumthinta kanti angacelwa ukuba akhokhe imali yokudlulisa udaba.
IsiPhathimandla sezoKwazisa kufanele siphendule isicelo zingakapheli iznsuku ezingu 10 zokusebenza kanti uma isicelo sinqatshiwe, kufanele ukuba isiPhathimandla sezoKwazisa sinikeze izizathu zalokho njengokusho koMthetho.
Akukabi khona lutho oluqhamuka kuNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthetho-sisekelo olungethulwa lapha, njengokulandela Isigaba 92.
Uhlaka lukaHulumeni, kufanele, lapho kunesidingo, luvuselele futhi lushicilele imanual njengokulandela isigatshana sesigaba 14, izikhawu ezingezile onyakeni owodwa.
amakhophi amathathu abhalwe ngezilimi ezintathu ezisemthethweni kufanele atholakale ezindaweni zokubeka ulwazi ezibalulwe umthetho njengalo zichazwe kusigaba 6 soMthetho iLegal Imali eyisibambisos Act ka 1997; iKhomishani yamaLungelo esiNtu yaseNingizimu Afrika; kanye nawo onke amahhovisi alo luhlaka.
Le-manual kufanele ishicilelwe ngezilimi ezintathu kwezisemthethweni kuGazethi kaHulumeni.
Uma imisebenzi yezinhlaka zikahulmeni ezimbili nangaphezulu kubonakala sengathi ithi ayixhumane, uNgqongqoshe unakho ukuthi, ngokwakhe kumbe ngokwesicelo, anqume ukuthi zikhishelwe imanual eyodwa kuphela.
Lezo zinhlaka kufanele zabelane ngezindleko zokubhalwa nokukhishwa kwaleyo manual njengokwesinqumo sikaNgqongqoshe.
Ngenxa yezizathu zokuphepha, ezezimali kumbe ngokuphathelene nomsebenzi, uNgqongqoshe unakho ukuthi, ngokwakhe kumbe ngokwesicelo, akhiphe isaziso kwiGazethi kaHulumeni, esikhiphela izinhlaka ezithize ngaphandle kwesandla salesi sigaba soMthetho isikhathi esizokunqunywa uye uNgqongqoshe.
Imali ekhokhelwa ikhophi ye-manual njengokusho komthetho-mgomo 5(c) ngu R0, 60 ngalelo nalelo khasi elisilinganiso salo singu A-4 kumbe ingxenye yalokho.
Imali ekhokhelwa isicelo, ngaphandle kokuba uma umuntu ecela okuqondene naye, njengokusho komthetho-mgomo 7 ingu R35, 00.
f Ukucinga nokulungisa irekhodi ukuthi likhishwe, uR15,00 ngehora kumbe ingxenye yalo, kungabalwa ihora lokuqala, okudingaklayo uma kuzokwezniwa lolo lucwaningo namalungiselelo.
a kuzokweqiswa ngamahora ayisithupha ngaphambi kokuba kufuneke imali eyisibambiso; futhi b ingxenye eyodwa kokuthathu yemali ekhokhelwa ukufinyelela kwirekhodi kufanele ikhokhwe njengesibambiso umfaki sicelo.
Imali yokuposa ikhokhwa kuphela uma umfaki sicelo sekhophi lerekhodi ezoposelwa lokho akucelile.
Imali yesicelo (uma ikhona): R...
Imali eyisibambiso (uma ikhona): R...
Imali yokufinyelela kwirekhodi: R...
B. Imininingwane yalowo ocela ukufinyelela kwi rekhodi a Imininingwane yalowo ocela ukufinyelela kwi rekhodi kufanele ibhalwe ngaphansi.
b Nikeza ikheli kumbe /kanye nenombolo yeFeksi eseRiphabhuliki lapho kungathunyelwa khona imininingwane.
c Ubufakazi beskhundla ofaka ngaso isicelo, uma lokho kufanelekile, kufanele bufakwe.
Lesi sigaba kufanele ukuba sigcwaliswe kuphela uma iminingwane ifunelwa omunye umuntu.
D. Imininingwane yerekhodi a Nhlinzeka Imininingwaneegcwele yerekhodi okudingeka ukuthi kufinyelelwe kulo, lokho kubandakanya I- reference number uma uyazi, ukuze litholakale kalula.
b Uma lesi sikhalo esihlinzekiwe singenele, uyacelwa ukuthi ubhale kwelinye iphepaha bese ulihlanganisa nalelifomu . Uma wenze njalo qinisekisa ukuthi yilelo nalelo khasi obhale kulo elingesiyona ingxenye yefomu.
E. Imali ekhokwayo a Isicelo sokufinyelela kurekhodi, uma kungesilona irekhodi elinemininingwane yomfai sicelo, sizokubhekwa kuphela emveni kokuba imali yesicelo isikhokhiwe.
b uzokwaziswa ngemali okufanele mawuyikhokhele isicelo.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela kwiirekhodi ihambisana nesimo elifuneka ngaso irekhodi kanye nesikhathi esifanelekile esidingakalayo ukulifuna lelorekhodi nokulilungiselela ukuba libukwe olicelile.
dUma uvumelekile ukuthi ungakhokhi, uyacelwa ukuthi uchaze ukuthi kungani kufanele ungakhokhi.
Uma uvimbelekile ngenxa yokukhubazeka ukuba ungafundi, ubuke, kumbe ulalele irekhodi ngezimo ezihlinzekwe ku 1 kuya ku 4 ngezansi, chaza uhlobo lwakho lokukhubazeka bese uyasho ukuthi ulifuna likusiphi isimo irekhodi.
a Ukusho kwakho isimo odinga ngaso irekhodi sihambisana ke nesimo elitholakala ngaso irekhodi.
b ukulithola ngesimo esiceliwe kunganqatshelwa ngaphansi kweminye imibandela.uma lokho kwenzeka ke, uzokwaziswa uma uzolinikezw a nlngesinye isimo.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela kwirekhodi, uma ikhona, izokuhambisana nesimo okucelwa ngaso irekhodi.
Uma ubucele ikhophi kumbe ukukhishelwa kwerekhodi embhalweni (ngenhla), ufisa ukuba leyokhophi uyiposelwe na?
Qaphela ke ukuthi uma irekhodi lingatholakali ngolimi olicele ngalo, ungase ulinikezwe ngolimi irekhodi olutholakala ngalo.
Ufisa ukulithola ngaluphi ulimi irekhodi?
Uzokubhalelwa waziswe ukuthi isicelo sakho sivunyiwe kumbe sinqatshiwe. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, uyacelwa ukuthi usho indlela ofuna ukwaziswa ngayo bese unikeza yonke imininingwane ehambisana nalokho ukuze kuhlangatshezanwe nesicelo sakho.
Uthanda ukwaziswa kanjani ngesinqumo esiphathelene nesicelo sakho sokufinyelelakwirekhodi..?
Sisayindwe ngalolu lusuku luka 20...
